UGenesise 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, kanye nezinkanyezi. IsiZulu 2020 UNkulunkulu wenza izikhanyisi ezinkulu ezimbili, isikhanyisi esikhulu ukubusa emini, nesikhanyisi esincane ukubusa ebusuku, nezinkanyezi. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu; ukukhanya okukhulu ukubusa emini nokukhanya okuncane ukubusa ebusuku; Wenza nezinkanyezi. |
uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,
lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?
Ukuphuma kwalo kusemkhawulweni wezulu; ukuzungeza kwalo kuya ekugcineni kwalo; akukho okufihlelwe ukushisa kwalo.
Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,
Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazo akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.
Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza, nelanga elinkemuzelayo liyakujabha, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuba yinkosi entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, abe yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.
Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.
yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.
Usho kanje uJehova obeka ilanga libe ngukukhanya emini, nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zokuba zibe ngukukhanya ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo, ogama lakhe linguJehova Sebawoti, uthi:
Ilanga nenyanga kwema endaweni yakho ngokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayo nangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.
“Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’
Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.
funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.