Kwathi emva kwalezo zinto uNkulunkulu wamvinvinya u-Abrahama, wathi kuye: “Abrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”
UDuteronomi 8:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE wakupha imana* ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni, IsiZulu 2020 Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle. Contemporary Zulu Bible 2024 owakupha ehlane imana oyihlo ababengayazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ekupheleni kwakho; |
Kwathi emva kwalezo zinto uNkulunkulu wamvinvinya u-Abrahama, wathi kuye: “Abrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”
Kanjalo namaqondana nezithunywa zezikhulu zaseBabele ezathumela kuye ukubuza ngesibonakaliso esenziwa ezweni uNkulunkulu wamshiya ukumvivinya nje ukuba azi konke okusenhliziyweni yakhe.
Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.
Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho,
Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.
Indlu yakwa-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana;* kwakunjengembewu yekoriyanderi,* kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi.
UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha.
UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.”
Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.
Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.
Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.
Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,
awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?
Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.
Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;