“Wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
UDuteronomi 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na? IsiZulu 2020 Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na? Contemporary Zulu Bible 2024 Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka kini namuhla na? |
“Wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
Amazwi akho onke ayiqiniso; zonke izahlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.
Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.
Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.
Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.
ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, nangegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho njengokusho kwakhe.”