UDuteronomi 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova uNkulunkulu wethu wayesenikela esandleni sethu naye u-Ogi inkosi yaseBashani nabantu bakhe bonke; samnqoba, akwaze kwasala muntu kuye. IsiZulu 2020 “USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kanjalo uJehova uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi inkosi yaseBashani, nabo bonke abantu bakhe; samnqoba kwaze kwangasala muntu. |
Base bemnqoba-ke, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakhe, waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo.
Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
UJehova wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngokuba ngimnikele yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe esandleni sakho, wena wenze kuye, njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni.’
Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akubangakho muzi esingawuthathanga kubo: imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani.
Balithatha izwe lakhe, balidla kanye nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,
nawo wonke umbuso ka-Ogi eBashani owayebusa e-Ashitaroti nase-Edireyi, owayesele kuyo insali yamaRefa; uMose wabanqoba, wabaxosha.
Umkhawulo wabo wasuka eMahanayimi: lonke iBashani, wonke umbuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, nayo yonke imizi yeJayire eseBashani, imizi engamashumi ayisithupha,