noGeberi indodana ka-Uri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo zwe.
UDuteronomi 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Sase siphenduka sakhuphuka ngendlela eya eBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa ngase-Edireyi. IsiZulu 2020 “Saphenduka, sakhuphuka ngendlela eya eBhashani, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, waphuma wazobhekana nathi, yena nabantu bakhe bonke, balwa nathi ngase-Edireyi. Contemporary Zulu Bible 2024 Sase siphenduka, sakhuphukela eBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma wasihlangabeza, yena nabo bonke abantu bakhe, ukulwa e-Edireyi. |
noGeberi indodana ka-Uri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo zwe.
“Wabanika imibuso nezizwe owababela khona izindawo ngezindawo; badla izwe likaSihoni, izwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani.
esenqobile uSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owahlala e-Ashitaroti ngase-Edireyi.
“USihoni waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa eJahasi.
“Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba,
UJehova wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngokuba ngimnikele yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe esandleni sakho, wena wenze kuye, njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni.’
UJehova uyakwenza kuzo njengokwenza kwakhe kuSihoni naku-Ogi amakhosi ama-Amori nakulo izwe lakubo ababulalayo.
Balithatha izwe lakhe, balidla kanye nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,
Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:
futhi izwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, owensali yamaRefa, owahlala e-Ashitaroti nase-Edireyi,
Umkhawulo wabo wasuka eMahanayimi: lonke iBashani, wonke umbuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, nayo yonke imizi yeJayire eseBashani, imizi engamashumi ayisithupha,
nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani, eyayise-Ashitaroti.