UDuteronomi 26:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngamnika zona uLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga. IsiZulu 2020 uyothi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngazinika umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi; njengoba ungiyalile ngemiyalo yonke ongiyale ngayo; angiweqanga namunye wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Uzakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ngikhiphile izipho ezingcwele endlini yami, ngazinika umLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, njengayo yonke imiyalo yakho ongiyale ngayo. Angiyeqanga imiyalo yakho, futhi angiyikhohlwa; |
Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.
Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo.
Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.
Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.
nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.
“Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,
Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho.
Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,