Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.
UDuteronomi 24:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nxa umuntu ethatha umfazi omusha, akayikuphuma impi, anganikwa futhi umsebenzi noma yimuphi; uyakuhlala ekhululekile ekhaya umnyaka, athokozise umkakhe amthathileyo. IsiZulu 2020 “Uma umuntu esanda kuthatha umfazi, akayukuphuma aye empini, futhi akayukunikwa noma yimuphi umsebenzi; uyohlala ekhaya ekhululekile unyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho umuntu ethatha umfazi omutsha, kayiyikuphuma impi, njalo angeze athwesa omunye umsebenzi; kodwa kumelwe akhululeke ekhaya unyaka owodwa, nomkakhe amthathile, ejabule. |
Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.
Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize, ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.
Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe njengabangenabo, nabakhalayo babe njengabangakhaliyo,
Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe.’
“Akuyikubakho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba yena uthatha konke okuphilwa ngakho kube yisibambiso.