UDuteronomi 22:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ucashe kuzo; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu. IsiZulu 2020 “Awuyukuyiyekela inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ushaye sengathi awuziboni, kodwa uyozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungaboni izinkomo zomfowenu nomhlambi wakhe uzulazula, uzicashe kuwo; kufanele uzibuyisele kumfowenu noma kunjalo. |
Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo, ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho; ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.
Opha ompofu akayikuswela, kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.
Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?
Ngiyakumlindela uJehova ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngethembe kuye.
Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.
Ezibuthakathaka aniziqinisanga, negulayo aniyiphilisanga, neyaphukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifunanga, kepha nizibusile ngamandla alukhuni.
Uma abantu balelo zwe besitheza kancane amehlo abo kulowo muntu, lapho enikela ngenzalo yakhe kuMoloki, bangambulali,
noma, lapho ethola into elahlekileyo, eyiphika, afunge amanga, noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho,
“Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,
Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.”
Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?
Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi, woziyisa endlini yakho zibe nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele kuye.
ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.