UDuteronomi 21:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuyakuthi mhla ewahlukanisela amadodana akhe ifa analo, makangayenzi indodana yentandokazi izibulo phambi kwendodana yesaliwakazi okuyiyona eyizibulo, IsiZulu 2020 kuyothi mhla ehlukanisela amadodana akhe ifa analo, ngeke akwazi ukwenza indodana yentandokazi ibe yizibulo phezu kwendodana yesaliwakazi, okuyiyona eyizibulo. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke kuyakuthi uma ivumela amadodana ayo ukuba abe ifa lokho anakho, angayenzi indodana yothandiweyo wakhe izibulo phambi kwendodana yozondwayo, eyizibulo ngempela; |
Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana: nguShimri inhloko noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba yinhloko
Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.
Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda, kepha umbuso wawunika uJehoramu, ngokuba wayeyizibulo.
Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili, bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi;
“Uma umuntu enabafazi ababili, omunye ethandeka omunye aliwa, bamzalele abantwana, othandekayo nowaliwayo, bese kuthi indodana eyizibulo ingeyowaliwayo,
kepha avume ukuba indodana yowaliwayo ibe yizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yona ingukuqala kwamandla akhe; ilungelo lezibulo lingelayo.
Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;