Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.
UDuteronomi 21:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uma kufunyaniswa obuleweyo ezweni akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, elele endle, kungaziwa ukuthi ngubani ombuleleyo, IsiZulu 2020 “Uma kutholakala umuntu obulewe ezweni akunika lona uSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, edindilize endle, kungaziwa ukuthi ubulewe ngubani; Contemporary Zulu Bible 2024 Uma kufunyanwa olahlwe endle ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, akwaziwa ukuthi ngubani ombulele; |
Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.
Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo; akakhohlwa ukukhala kwabo.
Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.
Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”
ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.
Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla, yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.
kuyakufika amalunga akho nabahluleli bakho, balinganise amabanga okuya emizini emzungezayo obuleweyo,
“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.