“Bheka, manje abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi nabasentabeni yaseSeyiri, ongavumelanga u-Israyeli ukubangenela ekuphumeni kwakhe ezweni laseGibithe, kepha wabachezukela, akabachithanga,
UDuteronomi 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova wayesethi kimi: ‘Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni, ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa, lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.’ ” IsiZulu 2020 “USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamkhathazi uMowabi, ungabahlaseli ukuba ulwe nabo, ngokuba angiyukukunika izwe lakhe libe yifa lakho, njengalokhu ngabanika lona abozalo lukaLothi, i-Ari, libe yifa labo.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wathi kimi: “Ningabakhathazi abakwaMowabi, ningalwi nabo empini, ngokuba angiyikuninika izwe labo libe yifa; ngoba iAri ngalinika abantwana bakaLothi njengelifa. |
“Bheka, manje abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi nabasentabeni yaseSeyiri, ongavumelanga u-Israyeli ukubangenela ekuphumeni kwakhe ezweni laseGibithe, kepha wabachezukela, akabachithanga,
Isiprofetho ngoMowabi. Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, lichithekile; impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lichithekile.
nomthambeka wezigodi othambeka ngasezweni le-Ari, oncike emkhawulweni wakwaMowabi.”
ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni; ilangabi livelile emzini kaSihoni; liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.
UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: “Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke, njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo.” UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.
njengalokho bangenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’
ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.
wathi kuyo: “Usho kanje uJefta, uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.
u-Israyeli wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: ‘Ake ngidabule izwe lakho;’ kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga; nasenkosini yakwaMowabi wathuma kanjalo; kepha ayivumanga; u-Israyeli wayesehlala eKadeshi.
“Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.