kunganqunywa futhi kubapristi amaLevi umuntu phambi kwami oyakunikela ngeminikelo yokushiswa, ashise iminikelo yempuphu, anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.’ ”
UDuteronomi 18:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Abapristi bamaLevi, yebo, sonke isizwe sakwaLevi asiyikuba nasabelo nafa kanye no-Israyeli; siyakudla iminikelo yomlilo kaJehova nefa lakhe. IsiZulu 2020 “Abaphristi abangabaLevi, sonke isizwana sakwaLevi asiyukuba nasabelo nafa no-Israyeli. Sona siyakudla iminikelo yomlilo kaSimakade nefa lakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Abapristi bamaLevi nesizwe sonke sakwaLevi bangabi nasabelo nafa kanye no-Israyeli; bangadla iminikelo yomlilo kaJehova nefa lakhe. |
kunganqunywa futhi kubapristi amaLevi umuntu phambi kwami oyakunikela ngeminikelo yokushiswa, ashise iminikelo yempuphu, anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.’ ”
“ ‘Bayakuba nefa; mina ngiyifa labo; aniyikubanika imfuyo kwa-Israyeli; mina ngiyimfuyo yabo.
UJehova wathi ku-Aroni: “Awuyikuba nafa ezweni lakubo, futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.
Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.
Kepha isizwe sakwaLevi uMose akasinikanga fa; uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyifa labo njengokukhuluma kwakhe kubo.
Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu, lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.”