Kepha ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya leli phasika lenzelwa uJehova eJerusalema.
UDuteronomi 16:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakulipheka, ulidle endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, uphenduke ekuseni, uye ematendeni akho. IsiZulu 2020 Uyolipheka, ulidle endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha, bese uphenduka ekuseni ubuyela emathendeni akho. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ukusose futhi ukudlele endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha; kumelwe uphenduke ekuseni uye ematendeni akho. |
Kepha ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya leli phasika lenzelwa uJehova eJerusalema.
Alosa iphasika ngomlilo njengokomthetho, neminikelo engcwele ayosa emakhanzini, nasezocweni, nasemabhodweni, ashesha akuletha kubantu besizwe.
Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule.
Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo;
Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,
Uyakunikela ngephasika kuJehova uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uJehova ayakuyikhetha ukuba kuhlale igama lakhe kuyo.
kepha endaweni ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho ukuba igama lakhe lihlale kuyo, lapho uyakuhlaba iphasika kusihlwa ekushoneni kwelanga, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibithe.