UDuteronomi 12:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakugcina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni. IsiZulu 2020 “Nazi izimiso nezehlulelo eniyoqikelela ukuzigcina ezweni uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona, ukuba nilidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni: Contemporary Zulu Bible 2024 Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakuzigcina ukuba nizenze ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunika lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni. |
Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami; ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.
NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze,
Niyakugcina ukuzenza zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.
“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.
funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.
yibo ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,
“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.
UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.