UDuteronomi 11:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE nowakwenzayo kuwe ehlane naze nafika kule ndawo, IsiZulu 2020 Lokho akwenza kini ehlane naze nafika kule ndawo, Contemporary Zulu Bible 2024 nalokho akwenza kini ehlane, naze nafika kule ndawo; |
nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe, nakuwo amahhashi abo, nakuzo izinqola zabo, nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo, nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla,
nowakwenzayo kuDathani naku-Abiramu amadodana ka-Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nabendlu yabo, namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.