Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDaniyeli 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngasona leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngaleso sikhathi kwaphuma iminwe esandleni somuntu yabhala phezu kothi lwesibani odongeni olunamekiwe lwendlu yenkosi, inkosi yabona ingxenye yesandla esibhalayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDaniyeli 5:5
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


Izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukadinesari, kukhulunyiwe kuwe ukuthi: Umbuso usukile kuwe;


Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.


Manje-ke kungeniswe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha behluleka ukubonakalisa incazelo yale ndaba.


Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe.


Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo.


esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;