UNebukadinesari inkosi wayesethumela ukubutha izikhulu, nababusi, nezinduna, nabahluleli, nabaphathizikhwama, nabomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda ukuba beze ekwahlukaniselweni kwesithombe uNebukadinesari inkosi asimisileyo.
UDaniyeli 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona izikhulu, nababusi, nezinduna, nabahluleli, nabaphathizikhwama, nabomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda babuthelwa ukwahlukaniselwa kwesithombe uNebukadinesari inkosi abesimisile, bema phambi kwesithombe uNebukadinesari asimisileyo. IsiZulu 2020 Khona izikhulu, ababusi, izinduna, abehluleli, abaphathizikhwama, abomkhandlu, abameli, nabo bonke abaphathizifunda baqoqelwa ukwehlukaniselwa kwesithombe uNebukhadinezari, inkosi, abesimisile; bama phambi kwesithombe uNebukhadinezari asimisileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabahluleli, nabaphathi-zimali, nabeluleki, nezinduna, nazo zonke izikhulu zezifunda zabuthana ukungcwelisa isithombe inkosi uNebukadinesari eyayisimisile; bema phambi kwesithombe uNebukadinesari ayesimisile. |
UNebukadinesari inkosi wayesethumela ukubutha izikhulu, nababusi, nezinduna, nabahluleli, nabaphathizikhwama, nabomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda ukuba beze ekwahlukaniselweni kwesithombe uNebukadinesari inkosi asimisileyo.
Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawo madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, kungahamukanga lunwele olulodwa emakhanda awo, engaguqukanga amayembe awo, lingasondelanga kuwo nephunga lomlilo.
Kwase kumemeza ummemezeli ngamandla, wathi: “We nina bantu nezizwe, nezilimi, niyayalwa
ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.