Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDaniyeli 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu agcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngalezo zinsuku mina Daniyeli ngalilela amasonto amathathu agcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDaniyeli 10:2
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,


Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?”


Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami; ungilahleleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?


“Thokozani kanye neJerusalema, nilethabele nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo,


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.


UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.


ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami.


Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.


Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo.