Wayesethi uDaniyeli encekwini, induna yabathenwa ebiyibeke phezu koDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya:
UDaniyeli 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ake ulinge izinceku zakho izinsuku eziyishumi, basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza. IsiZulu 2020 “Ake ulinge izinceku zakho izinsuku ezilishumi, basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza. Contemporary Zulu Bible 2024 Zivivinye izinceku zakho izinsuku eziyishumi; futhi mabasinike imifino ukuze sidle namanzi ukuba siphuze. |
Wayesethi uDaniyeli encekwini, induna yabathenwa ebiyibeke phezu koDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya:
Bese bubekwa ubuso bethu phambi kwakho kanye nobuso babafana abadla isabelo sokudla kwenkosi, wenze ezincekwini zakho njengokubona kwakho.”
Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.
Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.