IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isandla sakhe sokhohlo besiyakubaphansi kwekhanda lami, nesokunene sakhe besiyakungigona. IsiZulu 2020 Isandla sakho sokhohlo besiyokuba phansi kwekhanda lami, nesokunene, singigone. Contemporary Zulu Bible 2024 Isandla sakhe sokhohlo kumelwe sibe ngaphansi kwekhanda lami, nesandla sakhe sokunene siyongigona. |
Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati* wami.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo, nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: ‘Chitha.’