yikhona inkosi izakubuthanda ubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, woyikhothamela.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi. IsiZulu 2020 Uyazi, umuhle sithandwa sami! Uyazi, umuhle! Amehlo akho angamajuba ngale kwemvakazi yakho. Izinwele zakho zifana nomhlambi wezimbuzi wehla entabeni yakwaGileyadi. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba phakathi kwezikhiye zakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi ovela entabeni yakwaGileyadi. |
yikhona inkosi izakubuthanda ubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, woyikhothamela.
Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe,
Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.
Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.
Ikhanda lakho kuwe linjengeKarmeli, nomyeko wekhanda lakho unjengokububende; kuboshiwe inkosi ngesiyendane.
Ngokuba usho kanje uJehova ngendlu yenkosi yakwaJuda, uthi: “UyiGileyadi kimi, nekhanda laseLebanoni; impela ngiyakukwenza ube yihlane nemizi engahlalwa muntu.
Igama lakho laphumela ezizweni ngobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngemihlobiso engangiyibeke kuwe, isho iNkosi uJehova.
Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.
Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi, nalapho belibona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo,
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.
Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.