Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u-Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungingenisile endlini yewayini, nebhanela* lakhe phezu kwami liluthando. IsiZulu 2020 Ungingenise endlini yewayini, ibhanela lakhe, phezu kwami, wuthando. Contemporary Zulu Bible 2024 Yangingenisa endlini yedili, ibhanela layo phezu kwami liluthando. |
Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u-Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.
Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni.
Siyahalalisa ngensindiso yakho, siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.
Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.
Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.
Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.
Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.
Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.
Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.