IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro, sithandwa sami. IsiZulu 2020 Ngikufanisa nehhashi lami lensikazi phakathi kwezinqola zempi kaFaro, sithandwa sami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngikufanise, sithandwa sami, neviyo lamahhashi ezinqoleni zikaFaro. |
Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo.
Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe,
Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza, imivini inezimbali, ithaphuka iphunga layo; vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe.”
Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.
Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo, nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”
Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.
Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.