IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami ukuthi waluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini, ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na? IsiZulu 2020 Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami, umhlambi wakho uweluselaphi, uwuphumuzelaphi emini na? Kungani kumele ngihambe ngicinga emihlanjini yabangani bakho, njengowesifazane ogubuzele ngemvakazi na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngitshele, wena othanda umphefumulo wami, lapho uklaba khona, lapho uphumula khona umhlambi wakho emini; ngoba kungani ngizakuba njengohlubuke emihlambini yabangane bakho? |
Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.
Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.
Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu, uyabonakala phakathi kwezigidi.
Umlomo wakhe umnandi, uyanxaneleka wonke; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma nimfumana othandiweyo wami, ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.
Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.
Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami, lapho alusa phakathi kweminduze.
Alisoze labuye lakhiwa, akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane; umArabiya akayikumisa khona, nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.
Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.
Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;
“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.
Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegama likaJehova uNkulunkulu wakhe; sebeyakuhlala, ngokuba uzakuba mkhulu kuze kube semajukujukwini omhlaba.
“Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;
Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.
enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo,
Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi,
Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.
ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”
URuthe wakwaMowabi wathi: “Yebo, wathi kimi: ‘Wonamathela kubafana bami, baze baqede konke ukuvuna kwami.’ ”