Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha, angenza umlindizivini, kepha isivini esingesami angisilindanga.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ningabuki ukuthi ngimnyama, ngifuswe yilanga. Amadodana esizalwa mfazi munye nawo, angithukuthelele, angenza umlindizivini, ngangabe ngisasilinda esami.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ningangibheki, ngokuba ngimnyama, ngokuba ilanga lingibhekile; abantwana bakamama bangithukuthelela; bangibeka umlindi wezivini; kodwa mina angisigcinanga isivini sami.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:6
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.


Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.


Ubuso babo sebumnyama kunelahle, abaziwa ezitaladini. Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo, sishwabene, saba njengomuthi.


Ngokuba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa.


Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.


Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.