Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza. IsiZulu 2020 Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, umuhle, sithandwa sami, yebo, muhle; umbhede wethu nawo uluhlaza. |
Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.
Umuhle wena kunabantwana babantu; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.
Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni.
Bheka, luhlaka lukaSolomoni! Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile emaqhaweni akwa-Israyeli.
Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo, nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”
Ngavuka ukumvulela othandiweyo wami; izandla zami zaconsa imure,* neminwe yami imure elimanzi phezu kwezibambo zesihluthulelo.
Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.