Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:
IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izihlathi zakho zinhle kangakanani zinezintambo zobuhlalu, nentamo yakho ineminaka. IsiZulu 2020 Izihlathi zakho zinhle zinemicu yobuhlalu, intamo yakho inemigexo. Contemporary Zulu Bible 2024 Izihlathi zakho zinhle ngezinhlobonhlobo zamatshe ayigugu, intamo yakho ngamaketanga egolide. |
Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:
“Ngambuza ngathi: ‘Wena uyindodakazi kabani na?’ “Wathi: ‘Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori, amzalela yona uMilka;’ ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe.
Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.
UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.
Ungaphucile inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami; ungaphucile inhliziyo yami ngelinye lamehlo akho, ngomgexo munye wentamo yakho.
Izihlathi zakhe ziyizindima zamakha ezithaphuka iphunga, nezindebe zakhe ziyiminduze econsa imure* elimanzi.
Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.
Silethile umnikelo kaJehova, kwaba yilowo nalowo lokho akutholileyo, izinto zegolide, nezigqizo, namasongo, nezindandatho, namacici, nemigexo ukuyenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.”
kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.