Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Obadiya 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Noma uphakama njengokhozi, kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Noma ungaphakama njengokhozi, noma ngabe isidleke sakho singakhiwa phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Noma uziphakamisa njengokhozi, noma ubeka isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta



Obadiya 1:4
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke, nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo ngibuthile wonke umhlaba, akwababikho oshaya phiko, novula mlomo, notshiyozayo.”


Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.


Noma iBabele likhuphukela ezulwini, yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla, kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele,” usho uJehova.


Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.


“Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!