Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
Mathewu 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana; uthethelelwe izono zakho.” IsiZulu 2020 Base beletha kuye umuntu ofe uhlangothi, elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo, wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana, uthethelelwe izono zakho.” Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni; uJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi; Ndodana, yimani isibindi; uthethelelwe izono zakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni; uJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi; Ndodana, yimani isibindi; uthethelelwe izono zakho. |
Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
Ngesulile iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengemilaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”
Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.
UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu.
Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,
UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.
Ngokuba yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na?
Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono –” khona wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”
Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.
Wayesema uJesu, wathi: “Mbizeni.” Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.”
Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”
Ngokuba bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”
nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.
Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe,
baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma.
Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema, ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”
kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.
Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.