angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.
Mathewu 8:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. IsiZulu 2020 Kepha induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungangena phansi kophahla lwami, kodwa khipha izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. Baasraak Zulu New Testament Bible Induna yekhulu yaphendula yathi: Nkosi, kangifanele ukuthi ungene ngaphansi kophahla lwami; Contemporary Zulu Bible 2024 Induna yekhulu yaphendula yathi: Nkosi, kangifanele ukuthi ungene ngaphansi kophahla lwami; |
angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.
Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo
“Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.”
“Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,
Kepha uJohane wamalela wathi: “Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe; wena uza kimi na?”
Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe.
Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”
angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’
“Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’
Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”