Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.
Mathewu 8:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi: IsiZulu 2020 Kwathi lapho uJesu engena eKhaphernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamnxusa, Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi uJesu esengenile eKapenawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uJesu esengenile eKapenawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga. |
Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.
Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”
Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali
Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: “Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.”
Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini.
Kepha besamelula ngemichilo, uPawulu wathi enduneni yekhulu eyayimi khona: “Kuvunyelwe yini ukushaya umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala na?”
UPawulu wayesebiza enye induna yekhulu, wathi: “Yisa le nsizwa enduneni yenkulungwane, ngokuba inento ezakuyibika kuyo.”
Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi: “Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa, nabemikhonto abangamakhulu amabili,
Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange,* bagudla iKrethe.
uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.”
kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini,
Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.”