Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.
Mathewu 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” IsiZulu 2020 UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo. Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo. |
Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.
uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, kuyisifo sochoko, siyakuboniswa umpristi.
Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.
Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”
UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela.
“Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.
“Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.
Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.”
“Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.”
Wabayala ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela.
Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.
Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.
Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.”
Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.