Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe,
Mathewu 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. IsiZulu 2020 Kuthe uJesu esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wahamba waya eGalile. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi uJesu esezwile ukuthi uJohane ubotshiwe, wasuka waya eGalili; Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uJesu esezwile ukuthi uJohane ubotshiwe, wasuka waya eGalili; |
Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe,
Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo,
Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu,
Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane, wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye.
Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.”
UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona.
Ngangomuso wayefuna ukuya eGalile, wafumana uFiliphu; uJesu wathi kuye: “Ngilandele.”
Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.