Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.
Mathewu 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka. IsiZulu 2020 Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka; |
Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.
Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa konke okubi engicabanga ukukwenza kuyo ukuba ibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngiyithethelele amacala ayo nezono zayo.”
Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.”
Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kini: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.
Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,
nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.