Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”
Mathewu 26:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. IsiZulu 2020 Bakha uzungu lokuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. Baasraak Zulu New Testament Bible Bacebisana ukuthi bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. Contemporary Zulu Bible 2024 Bacebisana ukuthi bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. |
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”
Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:
Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo, ungachithi indawo yakhe yokuphumula.
“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?
Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale.
wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?
Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili.
Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.