Mathewu 26:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.” IsiZulu 2020 “Niyazi ukuthi emuva kwezinsuku ezimbili kuzakuba yiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuze ibethelwe esiphambanweni.” Baasraak Zulu New Testament Bible Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kungumkhosi wePhasika, futhi iNdodana yomuntu izokhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kungumkhosi wePhasika, futhi iNdodana yomuntu izokhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni. |
Besahambahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu;
wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.” Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.”
Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki.
Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule.
Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo.
NoJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo, ngokuba uJesu wayevama ukuhlangana khona nabafundi bakhe.
ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani.