NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.
Mathewu 23:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi; IsiZulu 2020 Ngakho-ke konke abanitshela khona kwenzeni, nikugcine, kodwa ningakwenzi abakwenzayo. Ngokuba bayakhuluma, kodwa bangakwenzi abakushoyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke konke abalitshela khona, kugcineni, likwenze; kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo, ngokuba bayakhuluma, bangenzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke konke abalitshela khona, kugcineni, likwenze; kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo, ngokuba bayakhuluma, bangenzi. |
NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.
Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba namandla okuma, nabo bonke laba bantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.’ ”
“Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: ‘Ngiyaya, nkosi;’ kepha kayiyanga.
babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.
Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.
“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.
Sondela wena, uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, usitshele konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe, sikuzwe, sikwenze.’
nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.
Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.