“Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise.
Mathewu 23:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose. IsiZulu 2020 wathi: “Izazimthetho nabaFarisi bahleli esihlalweni sikaMose. Baasraak Zulu New Testament Bible esithi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMozisi; Contemporary Zulu Bible 2024 Esithi: Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMozisi; |
“Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise.
u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.
“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.
Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi;
Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,
“Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni* nasezindaweni ezingenhla ekudleni,
Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.