Mathewu 2:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi kuye: “EBetlehema laseJudiya, ngokuba kulotshiwe kanjalo ngomprofethi ukuthi: IsiZulu 2020 Bathi kuye: “EBhethlehema eJudiya, ngokuba kulotshiwe kanjalo ngomphrofethi, ukuthi: Baasraak Zulu New Testament Bible Basebesithi kuye: EBetlehema laseJudiya, ngoba kulotshiwe kanje ngomprofethi ukuthi: Contemporary Zulu Bible 2024 Basebesithi kuye: EBetlehema laseJudiya, ngoba kulotshiwe kanje ngomprofethi ukuthi: |
UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:
Wabutha bonke abapristi abakhulu nababhali besizwe, wabuza kubo ukuthi uKristu uzakuzalelwaphi.
Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”
neKathati, neNahalali, neShimroni, neJidala, neBetlehema, imizi iyishumi nambili nemizana yayo.
Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona.
Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni. Umuntu othile waseBetlehema Juda waya ukuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.
Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Kwathi sebefikile eBetlehema, wonke umuzi wanyakaziswa, bathi: “Lo unguNawomi na?”
Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema, wathi kwabavunayo: “UJehova makabe nani.” Bathi kuye: “UJehova makakubusise.”
Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;
UJehova wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”