U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”
Mathewu 17:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. IsiZulu 2020 Bheka, base bebona uMose no-Eliya bekhuluma naye. Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. |
U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”
“Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.
Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”
Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.”
“Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.
Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.
Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”
Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya;” wayengazi ukuthi uthini.
Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.
Akuvelanga ngasemuva kwa-Israyeli umprofethi onjengoMose, owazana noJehova ubuso nobuso