UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,
Mathewu 15:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.” IsiZulu 2020 “Kwenziwa yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abazihlambi izandla uma bedla isinkwa.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kungani abafundi bakho beqe isiko labadala na? ngoba abagezi izandla zabo nxa bedla isinkwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Kungani abafundi bakho beqe isiko labadala na? ngoba abagezi izandla zabo nxa bedla isinkwa. |
UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,
Zase zithi izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi kuMoridekayi: “Weqelani isiyalezo senkosi na?”
Kepha waphendula, wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?
Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe –
abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?”
futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho.
Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.
nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide,