“Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.
Mathewu 12:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.” IsiZulu 2020 AbaFarisi bekubona lokho, bathi kuye: “Awubheke ukuthi abafundi bakho benzani, benza okungavunyelwe ngesabatha.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha. |
“Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.
Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa.
“Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,
Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” – ukuze bammangalele.
Wathi kubo: “Anifundanga yini akwenzayo uDavide msukwana elambile kanye nababe naye
UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?”
Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.
Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?”