Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.
Mathewu 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, IsiZulu 2020 Nanka amagama abaphostoli abali-12: owokuqala nguSimoni okuthiwa nguPhethro, u-Andreya umfowabo, uJakobe noJohane umfowabo, amadodana kaZebedewu, Baasraak Zulu New Testament Bible Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa; owokuqala nguSimoni othiwa uPetro, loAndreya umfowabo; uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; Contemporary Zulu Bible 2024 Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa; owokuqala nguSimoni othiwa uPetro, loAndreya umfowabo; uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; |
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.
Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.
UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi.
Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza.
Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.
Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa,
Ngenxa yalokho ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwathi: ‘Ngiyakuthumela kubo abaprofethi nabaphostoli; abanye bayakubabulala, abanye babazingele,’
Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”
kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.”
Abaphostoli sebebuyile bamlandisa konke abakwenzileyo; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida.
Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.
Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.”
kwakukhona ndawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe.
UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela, oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni, nowathi: “Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?”
Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto nokulobile lokhu; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.
UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.”
Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.
Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe.
Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.
UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.
Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,
Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,
UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kwabayizihambi abahlakazekile ePontu, naseGalathiya, naseKhaphadosiya, nase-Asiya, naseBithiniya,
USimeyoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:
Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,
Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane
Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.
Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”
Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.