Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.
Mathewu 10:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. IsiZulu 2020 Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso. Baasraak Zulu New Testament Bible nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. Contemporary Zulu Bible 2024 nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. |
Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.
“Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.
Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, kuphela udondolo lodwa, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni,
Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.”
Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili.
Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.
Wathatha induku yakhe ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso, eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.
Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe: “Kepha bheka, uma siya khona, siyakulethani kulowo muntu na? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?”