Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka;
Mathewu 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo; IsiZulu 2020 U-Abhrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo; Baasraak Zulu New Testament Bible U-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala uJuda nabafowabo; Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala uJuda nabafowabo; |
Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka;
Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.
“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,
Bhekani ku-Abrahama uyihlo, nakuSara owanizalayo, ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa.
Kubantwana bakwaJuda, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
uJuda wazala oFaresi noZara kuTamari, uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu;
Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili; u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.
Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.
Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.
Esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,