KwabaseFilipi 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani! IsiZulu 2020 Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani! Baasraak Zulu New Testament Bible Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. Contemporary Zulu Bible 2024 Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. |
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.
Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.
Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa;
Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama;
njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.
Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.
kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu, thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba.