ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
KwabaseFilipi 4:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo. IsiZulu 2020 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. |
ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Kuyakuthiwa: ‘KuJehova kuphela nginokulunga namandla.’ ” Bayakufika kuye, bajabhe bonke abamvuthelayo.
Wayesethi: “Woza.” Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;
niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;
Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni,