Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.
KwabaseFilipi 2:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, IsiZulu 2020 Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani. Baasraak Zulu New Testament Bible Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani. |
Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.
“Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”
Asihambe ngokufaneleyo njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu;
kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo.
Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.
ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?
Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu,
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,
kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;
ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,
Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,
Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.