Wayesethi uDavide kuGadi: “Nginosizi kakhulu; masiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”
KwabaseFilipi 1:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; IsiZulu 2020 Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu: Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu: |
Wayesethi uDavide kuGadi: “Nginosizi kakhulu; masiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”
Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni, ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.
Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*
Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke.
Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi:
Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.
Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.
Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.
“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.
simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.
Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.
khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”