Nami ngingakhuluma njengani; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani, ngininikinele ikhanda lami.
KwabaseFilipi 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli, IsiZulu 2020 Abanye bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli. Baasraak Zulu New Testament Bible Laba batshumayela uKristu ngombango, kungeyisikho ngobuqotho, bethi bangongeza usizi ezibopho zami; Contemporary Zulu Bible 2024 Laba batshumayela uKristu ngombango, kungeyisikho ngobuqotho, bethi bangongeza usizi ezibopho zami; |
Nami ngingakhuluma njengani; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani, ngininikinele ikhanda lami.
“Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.
Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.
Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.
ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu,
Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli,
ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;
njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.
Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.
Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,
Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.